MaXhosa Africa inkampani esungulwe eNingizimu Africa, isungulwa nguLaduma Ngxokolo ngo2010. I-Maxhosa idayisa izingubo ezilukiwe ukubungeza ubuhle kanye nesiko lamaXhosa. [1] I-MaXhosa Africa iveza ubuhle, usiko, ulimi kanye nezifiso zamaXhosa. UNgxokolo wasungula lenkampani yezingubo emva kokubuya entabeni, wabona kubalulekile ukuba abheke izingubo ezinhle zesimanje zokuqgoka zamasiko ezizogqokwa noma zilungele amaXhosa abuya entabeni aziwa ngamakrwala. Usebanzisa izindangu ezisecopheleni eliphezulu, ubuhlalu kanye novolo baseNingizimu Afrika[2] ukwenza lezizingubo.

Imiphumela

Uthole imiphumela eminingi wathwebula izinhliziyo zabantu abathanda imfashini kanye nabezindaba baseNingizimu, eLondon, eParis, e-Amsterdam, e-Oslo, eBerlin kanye nase New York[3].

Okufakazayo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Xhosa inspired knitwear MAXHOSA AFRICA - Intro Africa https://intro.africa/story/xhosa-inspired-knitwear-maxhosa-africa/
  2. Xhosa inspired knitwear MAXHOSA AFRICA - Intro Africa https://intro.africa/story/xhosa-inspired-knitwear-maxhosa-africa/
  3. Xhosa inspired knitwear MAXHOSA AFRICA - Intro Africa https://intro.africa/story/xhosa-inspired-knitwear-maxhosa-africa/