I-Sandton yisifunda sezentengiselwano esiyinxuluma esisenyakatho nesidlavela iGoli, eNingizimu Afrika.[2] Iyingxenye yomkhandlusidlidli omkhulu waseGoli. Igama elithi Sandton laqhamuka emva kokuhlanganiswa kwamabizo amabili wezindawo ezingamaphandle ezimbili i-Sandown kanye ne-Brynston. Ngonyaka we-1969, iSandton yamemezelwa njengomkhandlu ngokwayo, kodwa yalahlekelwa yilelo lungelo lokuba isidlidli esizimele emva kokuhlelwa kabusha kohulumeni bezindawo baseNingizimu Afrika ekupheleni kohulumeni wobandlululo.
Imivubukulo etholakele isikisela ukuba indawo namuhla ebizwa Sandton, ngokwendabuko kwakuhlala amaqembu ahlukahlukene ngaphambi kokuba kufike abelumbi basentshona, futhi kwakuhlala abeTswana kakhulu, kanye nabeSuthu ngokwezinga elincane. Izinsalela zangenkathi yeNsimbi zalapho okwacandulwa khona insimbi zavubukulwa e-Lone Hilton, emaphandleni asenyakatho ne-Sandton. Elinye lamaqembu wabafuduki bama-Voortrekker okuthiwa lahlala kulendawo kwakungumndeni wakwa-Esterhuysen. Kunesikhumbuzo sokubabungaza esitholakala eduze nomgwaqo obizwa Adrienne ose-Sandown lapho kunamangcwaba walomndeni. Isiphandla somkhandlu wase-Sandton songama iziqinti ezintathu ngemithombo esamigqomo emithathu eyimbulunga emqambeni wawo.[3]
- ↑ 1.0 1.1 Census 2011
- ↑ "Sandton (South Africa)". Flag's of the World. Kulandwe ngomhlaka 2009-02-25.
- ↑ "Sandton (South Africa)".
|
---|
| | | Izihloko |
- Izulu
- Ecology
- Umnotho
- Uhulumeni
- Umbangazwe
|
---|
| Uhulumeni |
Premier
Legislature
North Gauteng High Court
South Gauteng High Court
Municipalities |
---|
| Amadolobha namalokishi | |
---|
| Metropolitan municipalities | |
---|
| District and local municipalities |
| Sedibeng | |
---|
| West Rand |
Merafong City
Mogale City
Randfontein
Westonaria |
---|
|
---|
|