lelikhasi limayelana nedolobha, uma ufuna elimayelana nomasipala bheka la eThekwini.
ITheku
eThekwini
eThekwini
ITheku is located in South Africa
ITheku
Location of Durban in South Africa
Izixhumanisi: 29°53′S 31°03′E / 29.883°S 31.05°E / -29.883; 31.05
Izwe IRiphabliki waseNingizimu Afrika
Isifunda KwaZulu-Natal
Metropolitan municipality eThekwini
Established 1880[1]
Ubukhulu[2]
 • Jikelele 225.91 km2 (87.22 sq mi)
Inani labantu (2011)[2]
 • Jikelele 595,061
 • Iqulu 2,600/km2 (6,800/sq mi)
First languages (2011)[2]
 • isiNgisi 49.8%
 • isiZulu 33.1%
 • isiXhosa 5.9%
 • isiBhunu 3.6%
 • other 7.6%
Postal code 4001
Area code 031
Isizindalwazi www.durban.gov.za

iTheku (isiNgisi: Durban) yisidlavela esiKwaZulu-Natali ngaphansi komkhandlusdlidli we-Theku (eThekwini Municipality). Isidlavela saseThekwini yisona esikhulu futhi esinabantu abaningi okudlula zonke ezinye izidlavela esifundazweni saKwaZulu-Natal. Liyisidlavela sesithathu esinabantu abaningi kulandela iGoli neKapa. Ichweba laseThekwini lidume ngokuba eliphithizela kunawo wonke ezwenikazi lase-Afrika, okwenza libaluleke kakhulu emnothweni wezwe laseNingizimu Afrika.

Ifulegi laseThekwini

Abantu abangahlali eduze nolwandle bavame ukuvakashela ulwandle khona lapha eThekwini, futhi iTheku libukwa njengendawo yokuziphumulela.

Imisakazo

Ezemidlalo kanye nezinkundla

EKingsmead cricket ground, eThekwini ngonyaka we-2009

Umboxo

ITheku liyikhaya leqembu lomboxo elaziwa ngama-Sharks enenkundla yayo yasekhaya eyaziwa nge-Kings Park Stadium ekwazi ukumumatha abantu abayizi-56 000.

Ikhilikithi

ITheku liyikhaya leqembu lekhilikithi elaziwa nge-Natal Cricket Team kodwa laziwa nge-Dolpins uma lidlala. Ikhilikithi eThwenini idlalelwa enkudleni eyaziwa ngegama elthi- Kingsmead cricket ground okuyinkundla yokudlalela ikhiilikthi kuphela. Ngonyaka we-2003 imidlalo yekhilikithi yomhlaba yabanjelwa eThekwini.

Ibhola lezinyawo

iHholo yedolobha laseThekwini.

EThekwini kunemaqembu ebhola amabili aseke adlalela kwiPremier Soccere League (PSL) okubalwa kuwo AmaZulu F.C. kanye Golden Arrows. AmaZulu adlalela imidlalo yasekhaya enkundleni yase-Moses Mabhida esenkabeni edolobha. IGolden Arrows idlalela imidlalo yayo yasekhaya enkundleni yaseKing Zwelithini eselokishini laseMlazi, ngesinye iskhtahi babuye badlalele enkundleni yase-Moses Mabhida okanye enkundleni yaseChatsworth.

Ngenkathi kubanjwelwe Indebe yoMhlaba yeFIFA ngonyaka we-2010 iTheku nalo labe kungelinye lamdolobha abe esingethe lemidlalo enkundleni yase-Moses Mabhida.

Izikhungo zemfundo

Izikole zikahulumeni

Izikole zamabanga aphansi :

Izikole zamabanga aphezulu :

Izikhungo zemfundo ephakeme

INyuvesi yaKwaZulu-Natali

Ubuhlobo namazwe angaphandle

Amawele

ITheku liyiwele nalamadolobha:[3]

  • Eilat, Isreyili
  • Maracaibo, Venezuela
  • Kaohsiung, Taiwan

Imithombo

  1. "Chronological order of town establishment in South Africa based on Floyd (1960:20-26)" (PDF). pp. xlv–lii.
  2. 2.0 2.1 2.2 Census 2011
  3. "Sister Cities Home Page". Archived from the original on 2011-08-10. Kulandwe ngomhlaka 2012-04-20. eThekwini Online: The Official Site of the City of Durban
  4. "Sister Cities of Guangzhou". Guangzhou Foreign Affairs Office. Archived from the original on 20 October 2011. Kulandwe ngomhlaka 10 February 2010.